Baba THixo Somandla
siyak'cela yolul' esakh' isandla
thin' asinaw' amandla
abanye bethu sebaze baphum' impandla
ukubekw' izandla
kodw' abavum' ukuhlala kwelakh' ibandla
lo ongaphezulu was'dala was' leth'e mahlaben' ukuze sizomkhonza
thina masifika salibala ubumnandi samkhohlwa
sababiza ngamagama laba abathi bayakholwa
laphum' ilanga abanye bethu bamphika
lashon' ilanga abanye bethu izwi lakhe baliziba
zenzek' izingozi abanye bafa. abanye baphila
babonga amadlozi bakhohl' ukuthi kwawona adalwa uyena
Baba Thixo Somandla
siyakucela yolul' esakh' isandla
emhlabeni konakel' uk'hlala
la phandl' umhlab' uyahlaba
iqiniso lona liyaba
ingane ezincane zidlwengulwa ngamado' eziwabiza ngoBaba
cha Mdal' asiy'khulume lendaba
uyawubona wonakele lomhlaba
ngiqinisile lezi zinto zihlezi zibhalwe kumaphephandaba
usathana neNdodana yakho sebashay' umbango
komakhelwane nez'hlobo kwaphel' uthando
abantu ababulalani bodwa emhlabeni baqoph' umlando
siyay' esontweni kodw' asiyenz' eyakh' intando
yingakho masifik' empumelelweni ehlezi evaliw' amasango
kodwa ngoba sesaphila ngezangoma sesivele sihlabel' ingoma
sihambe siyokumba singenandaba nokoma bese sisola laba abanomona
Baba Thixo Somandla
siyak'cela yolul' esakh' isandla
ufikelele nakulaba abaphila ngokuqed' okwabany' ukphila
laba abachith' igazi sengathi bachith' amanzi qede bathi bas'khiph' ukwazi
nalaba abangenandaba nandabuko. abangasidabukeli
noma sebesidubulel' ubala.
nalaba abangasenasizi. esithi noma sisezinkingeni bangasisizi
nami bengingenal' ipeni yingakho lenkondlo ngiy'bhale ngomsizi
ngiyawazi ke umsizi ekuhambeni kwesikhathi uzocisha
kodwa lamagma enhliziyweni yozwile ayohlezi emthinta
. . . . . . .ngikhathele uku typer . . . .lol . . i write my mind . .
Original by: Baxola Majika
Tinana
No comments:
Post a Comment