bathi zinamaphiko kuwen' angiwaboni kodwa ngiqinisekil' ukuth' uyiNgelosi
phambi kwamehl' akh' amsulwa ngiyavum' ukuthi nginamaphutha
kodw' izinyembez' emehlwen' akho sezizosulwa ngoba nasebubini sengizothutha
ng'sakhumbulile ngithi mangikukhumbuze ngendlel' engahambi bantu
kepha ngendlel' engizizwa ngayo ngawe
angikwazi kuchaza kodwa ngivumele ngikuhayel' inkondlo yothand' ezoba naMandla okuvul' aMasango entliziyweni yakho
uphind' ungivumele ngikuvumel' ingom' ezoleth' injabul' empilweni yakho
ungakhohlw' ukuthi wena ngakushela ngezwi yingakho nawe ngifun' ungitshel' ukuth' uyangithanda uz' ushelwe yizwi.
bathi zinamaphiko kuwen' angiwaboni kepha ngiqinisekil' ukuth' uyiNgelosi
Bathi zinamaphiko kuwen' angiwaboni kepha ngiqinisekil' ukuth' uyiNgelos' eyathunyelw' eKhay' eZulwin' ukuz' izokhombisa min' uThando lwangempela
yingakho manginawe ngingazikhohlw' ezam' izinkinga kepha ngizibek' ecelen' ukuze kubus' injabulo kuthina
esakh' isandla ngiyosibamba lishisa noma lisina
ngisbamb' ebumnyameni nasekukhanyeni
ngik'buk' emehlweni ngik'tshel' ukthi Ngiyak'Thanda
futhi nakusasa ngisezovuka Ngik'Thanda
besengiyakuthata sihambe siyogibel' iMango siziyel' eThekwini siyoziphumulela phansi kwezihlahla zeMango
singafani ke no Adam no Eve thina kepha sivumelek' ukuthi
sidle zonk' izithel' ezikhon' uma sesiyoCosha u nick
angithi we are going to picnic
Uma sisuka lapho sihambe siyozibhlomel' eParkin sifike sisuse zonke leziMot' ezingcolis' umnikazi woBuhl' obukuwena
angith' ubuhl' obukuwena obeNdalo
Bathi zinamaphiko kuwena angiwaboni kepha ngiqinisekil' ukuth' uyiNgelosi
bathi zinamaphiko kuwen' angiwaboni keph'ubuningi bethu phambi kwaMehlo kaMdali singaboni. angithi vele sazalwa singaboni
Unlike uMfundis' eSontweni mina ngeze ngikubek' iSandla keph' esam ngiyosisebenzis' ukuleth' iNjabulo kuWena
umasengimdal' eStolo sam ngizofak' uMbhede ukwenzel'
ukuth' um' uzothenga uthol' i sleep (slip)
la kuwen' akulingisi Mazwi, Ndosi na Gagashe kepha wena uwuBambo Lwami.
bathi zinamaphiko kuwen' angiwaboni kepha ngiqinisekil' ukuthi wena uyiNgelosi.
Original by: Baxola Majika
Tinana